Ngokukajohane 8:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.

9. Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.

10. UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”

11. Wayesethi: “Akakho, Nkosi.”Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”

Ngokukajohane 8