Ngokukajohane 8:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.”

8. Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.

9. Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.

10. UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”

Ngokukajohane 8