Ngokukajohane 8:6-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela.Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.

7. Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.”

8. Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.

9. Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.

10. UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”

11. Wayesethi: “Akakho, Nkosi.”Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”

12. Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

13. Khona bathi kuye abaFarisi: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho ubuqinisile.”

14. UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.

15. Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu.

16. Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo.

Ngokukajohane 8