Ngokukajohane 8:54-59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

54. UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu.

55. Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.

56. U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.”

57. Base bethi kuye abaJuda: “Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti u-Abrahama usuke wambona na?”

58. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.”

59. Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.

Ngokukajohane 8