Ngokukajohane 8:33-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”

34. UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.

35. Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade.

36. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.

37. Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini.

38. Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.”

39. Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.”UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.

Ngokukajohane 8