30. Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye.
31. Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
32. niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
33. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”
34. UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.
35. Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade.
36. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
37. Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini.
38. Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.”
39. Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.”UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.
40. Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho.
41. Nina nenza imisebenzi kayihlo.”Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.”