30. Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye.
31. Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
32. niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
33. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”
34. UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.
35. Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade.
36. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
37. Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini.