Ngokukajohane 8:23-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe.

24. Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”

25. Base bethi kuye: “Wena ungubani na?”Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.

26. Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”

27. Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise.

28. Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.

29. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”

Ngokukajohane 8