21. Khona waphinda wathi kubo: “Ngiyamuka mina, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.”
22. Base bethi abaJuda: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: ‘Lapho ngiya khona mina, ningeze nina,’ na?”
23. Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe.
24. Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”
25. Base bethi kuye: “Wena ungubani na?”Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.
26. Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”
27. Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise.
28. Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.