Ngokukajohane 8:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”

19. Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?”UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.”

20. Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

21. Khona waphinda wathi kubo: “Ngiyamuka mina, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.”

22. Base bethi abaJuda: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: ‘Lapho ngiya khona mina, ningeze nina,’ na?”

23. Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe.

24. Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”

25. Base bethi kuye: “Wena ungubani na?”Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.

Ngokukajohane 8