Ngokukajohane 8:17-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.

18. Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”

19. Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?”UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.”

20. Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

Ngokukajohane 8