Ngokukajohane 8:16-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo.

17. Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.

18. Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”

Ngokukajohane 8