1. Khona uJesu waya eNtabeni Yeminqumo.
2. Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.
3. Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga; sebemmise phakathi kwabo,
4. bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga.
5. Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Pho, wena uthini na?”
6. Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela.Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.
7. Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.”
8. Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.
9. Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.
10. UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”
11. Wayesethi: “Akakho, Nkosi.”Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
12. Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
13. Khona bathi kuye abaFarisi: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho ubuqinisile.”
14. UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.