Ngokukajohane 7:8-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.”

9. Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

10. Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese.

11. Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”

12. Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”

13. Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.

14. Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

15. Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”

16. Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.

Ngokukajohane 7