Ngokukajohane 7:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.

8. Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.”

9. Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

10. Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese.

Ngokukajohane 7