Ngokukajohane 7:5-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye.

6. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo.

7. Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.

8. Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.”

9. Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

10. Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese.

11. Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”

12. Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”

13. Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.

14. Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

15. Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”

16. Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.

17. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.

18. Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.

19. UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”

20. Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”

21. UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke.

22. Ngokuba uMose uninikile ukusoka -- kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho -- niyamsoka umuntu nangesabatha.

23. Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?

24. Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”

Ngokukajohane 7