Ngokukajohane 7:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye.

6. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo.

7. Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.

8. Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.”

9. Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

10. Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese.

11. Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”

12. Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”

Ngokukajohane 7