Ngokukajohane 7:42-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”

43. Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.

44. Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba; kepha akubangakho owambeka izandla.

45. Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: “Animlethanga ngani na?”

46. Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”

47. Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: “Kanti nani nidukisiwe na?

48. Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na?

49. Kodwa lesi sixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.”

50. Wayesethi kubo uNikodemu owake weza kuye engomunye wabo:

51. “Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”

52. Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.”

53. Base behamba, kwaba yilowo nalowo waya ekhaya.

Ngokukajohane 7