39. Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.
40. Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: “Lo ungumprofethi isibili.”
41. Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na?
42. Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”
43. Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.
44. Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba; kepha akubangakho owambeka izandla.
45. Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: “Animlethanga ngani na?”
46. Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”
47. Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: “Kanti nani nidukisiwe na?
48. Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na?
49. Kodwa lesi sixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.”