Ngokukajohane 7:29-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”

30. Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

31. Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”

32. AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.

33. Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.

34. Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.”

35. Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?

36. Lizwi lini leli alishoyo lokuthi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani,’ nokuthi: ‘Lapho ngikhona, ningeze nina,’ na?”

37. Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.

38. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”

39. Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.

40. Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: “Lo ungumprofethi isibili.”

41. Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na?

42. Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”

Ngokukajohane 7