25. Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?
26. Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?
27. Kodwa lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”
28. Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.
29. Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”