Ngokukajohane 7:25-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?

26. Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?

27. Kodwa lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”

28. Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.

29. Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”

Ngokukajohane 7