68. USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.
69. Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
70. UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.”
71. Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.