Ngokukajohane 6:6-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.

7. UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.”

8. Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:

9. “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”

10. UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.” Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwame eziyisihlanu.

11. UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.

12. Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”

13. Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili ngemvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali* eyasala kwabadlileyo.

14. Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.”

15. Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

16. Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle,

17. bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo.

18. Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle.

19. Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka.

20. Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.”

Ngokukajohane 6