Ngokukajohane 6:58-67 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

58. Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.”

59. Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.

60. Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?”

61. Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na?

62. Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?

63. NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila.

64. Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.”

65. Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”

66. Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.

67. Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?”

Ngokukajohane 6