57. Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.
58. Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.”
59. Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.
60. Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?”
61. Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na?
62. Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?
63. NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila.
64. Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.”