Ngokukajohane 6:55-59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

55. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.

56. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.

57. Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

58. Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.”

59. Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.

Ngokukajohane 6