42. Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”
43. UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu.
44. Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.
45. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.
46. Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba.
47. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.
48. Mina ngiyisinkwa sokuphila.
49. Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa.
50. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi.
51. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”
52. Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”
53. Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu.
54. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.
55. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.
56. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.