39. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela.
40. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”
41. Khona abaJuda bakhonona ngaye, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.”
42. Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”
43. UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu.
44. Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.
45. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.