36. Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa.
37. Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.
38. Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.
39. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela.
40. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”
41. Khona abaJuda bakhonona ngaye, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.”
42. Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”
43. UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu.
44. Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.
45. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.
46. Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba.
47. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.
48. Mina ngiyisinkwa sokuphila.
49. Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa.
50. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi.
51. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”