Ngokukajohane 6:30-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na?

31. Okhokho bethu badla imana* ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: ‘Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ”

32. UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

33. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.”

34. Khona bathi kuye: “Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.”

35. UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.

36. Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa.

Ngokukajohane 6