Ngokukajohane 6:23-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;

24. isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.

25. Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?”

26. UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha.

Ngokukajohane 6