Ngokukajohane 6:15-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

16. Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle,

17. bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo.

18. Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle.

19. Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka.

20. Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.”

21. Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.

22. Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona, sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe, kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa,

23. kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;

24. isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.

25. Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?”

26. UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha.

27. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”

Ngokukajohane 6