Ngokukajohane 6:14-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.”

15. Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

16. Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle,

17. bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo.

18. Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle.

Ngokukajohane 6