1. Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.
2. Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.
3. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe.
4. Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.
5. Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?”
6. Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.
7. UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.”
8. Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:
9. “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”