Ngokukajohane 6:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.

2. Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.

3. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe.

4. Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.

Ngokukajohane 6