Ngokukajohane 5:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.

6. UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?”

7. Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.”

8. UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.”

9. Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku.

10. Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.”

Ngokukajohane 5