Ngokukajohane 5:42-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.

43. Ngize egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena.

44. Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?

45. “Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye.

46. Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.

47. Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”

Ngokukajohane 5