42. Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.
43. Ngize egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena.
44. Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?
45. “Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye.
46. Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.
47. Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”