29. abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.
30. Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.
31. “Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile.
32. Ngomunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.
33. “Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso.
34. Kepha mina angibamukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe.