28. “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo,
29. abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.
30. Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.
31. “Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile.
32. Ngomunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.
33. “Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso.
34. Kepha mina angibamukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe.
35. Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.
36. “Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.
37. NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.
38. Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu, ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye.
39. Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
40. Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe nokuphila.
41. “Mina angamukeli udumo kubantu.
42. Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.
43. Ngize egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena.
44. Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?
45. “Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye.
46. Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.