Ngokukajohane 5:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Bambuza bathi: “Ngubani lowo muntu othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho uhambe,’ na?”

13. Kepha ophilisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo.

14. Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.”

15. Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.

Ngokukajohane 5