Ngokukajohane 4:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.

9. Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.

10. UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”

11. Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na?

12. Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?”

13. Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;

14. kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”

15. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”

Ngokukajohane 4