Ngokukajohane 4:50-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

50. Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.

51. Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile.

52. Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono; khona zathi kuye: “Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.”

53. Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.

54. Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.

Ngokukajohane 4