38. Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.”
39. AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.”
40. Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili.
41. Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.
42. Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”
43. Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile.
44. Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo.
45. Kuthe-ke ukuba afike eGalile, abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini.
46. UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume.
47. Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.
48. Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”
49. Induna yenkosi yathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.”
50. Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.
51. Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile.
52. Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono; khona zathi kuye: “Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.”
53. Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.