Ngokukajohane 4:32-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.”

33. Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?”

34. UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.

35. Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.

36. Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.

37. Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’

38. Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.”

39. AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.”

40. Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili.

41. Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.

42. Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”

43. Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile.

44. Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo.

Ngokukajohane 4