22. Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.
23. Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.
24. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”
25. Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.”
26. UJesu wathi: “Nginguye mina engikhuluma nawe.”
27. Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: “Ufunani na?” noma: “Ukhulumelani naye na?”
28. Owesifazane wayeseshiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi kubantu:
29. “Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo; kungebe nguye uKristu na?”
30. Baphuma emzini, beza kuye.
31. Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.”
32. Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.”
33. Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?”
34. UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.
35. Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.