Ngokukajohane 4:2-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. ingani uJesu uqobo kabhapathizanga, kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe,

3. yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.

4. Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya.

5. Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.

6. Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

7. Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”

8. Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.

9. Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.

10. UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”

Ngokukajohane 4