Ngokukajohane 4:18-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.”

19. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.

20. Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”

21. UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.

22. Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.

23. Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.

24. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”

25. Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.”

26. UJesu wathi: “Nginguye mina engikhuluma nawe.”

27. Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: “Ufunani na?” noma: “Ukhulumelani naye na?”

28. Owesifazane wayeseshiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi kubantu:

29. “Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo; kungebe nguye uKristu na?”

30. Baphuma emzini, beza kuye.

Ngokukajohane 4