Ngokukajohane 4:13-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;

14. kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”

15. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”

16. Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.”

17. Owesifazane waphendula wathi: “Anginandoda.”UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: ‘Anginandoda;’

18. ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.”

19. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.

20. Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”

21. UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.

22. Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.

23. Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.

Ngokukajohane 4