Ngokukajohane 4:10-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”

11. Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na?

12. Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?”

13. Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;

14. kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”

15. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”

16. Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.”

17. Owesifazane waphendula wathi: “Anginandoda.”UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: ‘Anginandoda;’

18. ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.”

19. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.

20. Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”

21. UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.

22. Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.

23. Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.

24. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”

25. Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.”

26. UJesu wathi: “Nginguye mina engikhuluma nawe.”

27. Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: “Ufunani na?” noma: “Ukhulumelani naye na?”

Ngokukajohane 4