Ngokukajohane 4:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,

2. ingani uJesu uqobo kabhapathizanga, kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe,

3. yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.

4. Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya.

5. Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.

6. Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

7. Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”

Ngokukajohane 4